13/04/2026
Ingabe bephule izimiso zokusebenza noma ingabe inkululeko yabo yokukhuluma iyahlaselwa?
JACINTA NGOBESE-ZUMA:
NgoJulayi 15, 2025 uNksz Jacinta Ngobese-Zuma waxoshwa isigubhukane kuVuma FM ngaphandle kwesizathu esicacile. Imithombo iveza ukuthi uJacinta waxoshwa ngenxa yokubandakanyeka emikhankasweni emelene nokufika kwabantu bangaphandle kuleli ngokungemthetho.
CLEMENT MANYATHELA:
Uhlelo lukaClement Manyathela olubizwa ngeFace The Nation lwanqanyulwa mhla zingu 23 kuNdasa 2026, imithombo ithi iSABC yathola izikhalo ezikhulwini zikahulumeni naseHhovisi likaMengameli ngemuva kwengxoxo kaClement nokhulumela uMongameli wezwe uVincent Magwenya lapho uClement ayebuza khona uMagwenya imibuzo ayekuthola kunzima ukuyiphendula njengokuthi ‘Kungani uMengameli engaxoshi uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu?'
SIPHO MBHATHA:
USgqemeza wamemezela ngomhla zingama-31 kuNdasa 2026 ukuthi ubesakaza okokugcina ngemuva kokuthi ithimba elisha labaphathi boKhozi FM linqume ukuthi bazoyinqamula inkontileka yakhe yeminyaka engu-20 nalo msakazo. Kuthiwa lokhu kungenxa yokucindezela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka ngemibuzo ‘enzima’ emoyeni ngodaba lwezingane zaseNingizimu Afrika ezingenazo isikhala sokungena esikoleni samabanga aphansi i-Addington Primary School esiseSouth Beach KwaZulu-Natal, ekubeni izingane zabokufika kuleli zibhalisiwe.